Ngokukamathewu 2:18-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. “Kwezwakala izwi eRama,ukukhala nokulila okukhulu,uRakheli ekhalela abantwana bakhe,engavumi ukududuzwa, ngokuba abasekho.”

19. Kepha uHerode esefile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibithe, yathi:

20. “Vuka uthabathe umntwana nonina, uye ezweni lakwa-Israyeli; ngokuba sebefile ababezingela ukuphila komntwana.”

21. Wasuka-ke, wathabatha umntwana nonina, wafika ezweni lakwa-Israyeli.

Ngokukamathewu 2