Ngokukamathewu 2:10-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Zathi ukuyibona inkanyezi, zathokoza ngokuthokoza okukhulu kakhulu.

11. Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka.

12. Kwathi ziyaliwe nguNkulunkulu ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode, zabuyela ezweni lakubo ngenye indlela.

13. Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, ithi: “Vuka uthabathe umntwana nonina, ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.”

14. Wavuka-ke, wathabatha umntwana nonina ebusuku, wamuka waya eGibithe,

15. wahlala khona, waze wafa uHerode, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.”

Ngokukamathewu 2