Ngokukamathewu 19:5-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na?

6. Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”

7. Bathi kuye: “Pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na?”

8. Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.

9. Namanje ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga.”

10. Abafundi bathi kuye: “Uma injalo indaba yomuntu nomkakhe, akukuhle ukuganwa.”

11. Kepha wathi kubo: “Akusibo bonke abangalamukela leli zwi, kuphela abakunikiweyo.

12. Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu; kukhona futhi abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Ongakwamukela lokho akwamukele.”

13. Khona kwalethwa kuye abantwanyana ukuba abeke izandla phezu kwabo, akhuleke; kepha abafundi babakhuza.

14. UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”

15. Wayesebeka izandla phezu kwabo; wamuka lapho.

16. Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?”

17. Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”

18. Wathi kuye: “Miphi na?”UJesu wathi: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;

19. yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

20. Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile; ngisasilalelweni na?”

21. UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”

22. Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu.

23. Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.

Ngokukamathewu 19