Ngokukamathewu 19:20-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile; ngisasilalelweni na?”

21. UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”

22. Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu.

23. Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.

24. Futhi ngithi kini: Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”

25. Sebezwile lokho abafundi bethuka kakhulu, bathi: “Pho, kungasindiswa bani na?”

26. Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

27. Khona uPetru wathatha wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela. Pho, siyakutholani na?”

28. Wathi kubo uJesu: “Ngiqinisile ngithi kini: Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

29. Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.

Ngokukamathewu 19