Ngokukamathewu 19:15-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Wayesebeka izandla phezu kwabo; wamuka lapho.

16. Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?”

17. Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”

18. Wathi kuye: “Miphi na?”UJesu wathi: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;

19. yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

Ngokukamathewu 19