Ngokukamathewu 19:14-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”

15. Wayesebeka izandla phezu kwabo; wamuka lapho.

16. Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?”

17. Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”

18. Wathi kuye: “Miphi na?”UJesu wathi: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;

19. yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”

20. Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile; ngisasilalelweni na?”

21. UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”

22. Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu.

23. Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.

24. Futhi ngithi kini: Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”

25. Sebezwile lokho abafundi bethuka kakhulu, bathi: “Pho, kungasindiswa bani na?”

26. Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

27. Khona uPetru wathatha wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela. Pho, siyakutholani na?”

Ngokukamathewu 19