10. Abafundi bathi kuye: “Uma injalo indaba yomuntu nomkakhe, akukuhle ukuganwa.”
11. Kepha wathi kubo: “Akusibo bonke abangalamukela leli zwi, kuphela abakunikiweyo.
12. Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu; kukhona futhi abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Ongakwamukela lokho akwamukele.”
13. Khona kwalethwa kuye abantwanyana ukuba abeke izandla phezu kwabo, akhuleke; kepha abafundi babakhuza.
14. UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”
15. Wayesebeka izandla phezu kwabo; wamuka lapho.
16. Bheka-ke, kwasondela kuye othile, wathi: “Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na?”
17. Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye ongomuhle. Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”
18. Wathi kuye: “Miphi na?”UJesu wathi: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;
19. yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
20. Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile; ngisasilalelweni na?”
21. UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
22. Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi, yamuka idabukile, ngokuba yayinengcebo enkulu.
23. Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.