1. Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani.
2. Izixuku ezinkulu zamlandela, waziphulukisa khona.
3. Kwase kusondela kuye abaFarisi, bamlinga bathi: “Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?”
4. Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane,
5. wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na?
6. Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”
7. Bathi kuye: “Pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na?”
8. Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo.