Ngokukamathewu 18:13-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Athi uma eyithola, ngiqinisile ngithi kini, uthokoza ngayo kakhulu kunangezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga.

14. Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.

15. “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.

16. Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.

17. Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.

18. “Ngiqinisile ngithi kini: Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe ezulwini.

19. “Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini.

20. Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”

21. Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?”

22. UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.

23. “Ngalokho umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi obethanda ukubalisana nezinceku zakhe.

24. Kwathi eseqale ukubala, kwalethwa kuye enye enecala lamatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi.

25. Kepha ingenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngayo, nangomkayo, nangabantabayo, nangakho konke enakho, kukhokhwe.

26. Ngalokho inceku yawa phansi, yakhuleka kuyo, yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela konke.’

27. Inkosi yaleyo nceku inesihe yayikhulula, yayithethelela icala.

28. “Kepha kwathi isiphuma leyo nceku, yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu* abayikhulu, yayibamba, yayiklinya, yathi: ‘Khokha icala lakho.’

29. “Khona inceku ekanye nayo yawa phansi, yayincenga yathi: ‘Ake ungibekezelele, ngizakukukhokhela.’

30. Kepha ayivumanga, kodwa yahamba, yayifaka etilongweni, ize ilikhokhe lelo cala.

31. “Izinceku ezikanye nayo zathi ukubona okwenzekileyo, zadabuka kakhulu, zaya zabika enkosini yazo konke okwenzekileyo.

32. Khona inkosi yayo yayibiza, yathi kuyo: ‘Nceku embi, lonke lelo cala ngikuthethelele lona ngokuba wangincenga;

Ngokukamathewu 18