1. Ngaleso sikhathi abafundi basondela kuJesu, bathi: “Ngubani omkhulu embusweni wezulu na?”
2. Wayesebiza umntwana, wammisa phakathi kwabo,
3. wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.
4. Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuzithoba njengalo mntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.
5. Nalowo oyakwamukela umntwana onje abe munye ngegama lami uyangamukela mina.