Ngokukamathewu 17:7-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.”

8. Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.

9. Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.”

10. Bambuza abafundi, bathi: “Pho, basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?”

11. Waphendula wathi: “Nempela u-Eliya uyeza, uyakubuyisela konke.

12. Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.”

13. Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.

Ngokukamathewu 17