7. Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.”
8. Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.
9. Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.”
10. Bambuza abafundi, bathi: “Pho, basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?”
11. Waphendula wathi: “Nempela u-Eliya uyeza, uyakubuyisela konke.
12. Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.”
13. Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.