Ngokukamathewu 17:3-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye.

4. Wathatha uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.”

5. Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”

6. Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu.

7. Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.”

8. Kepha bephakamisa amehlo abo ababonanga muntu, kuphela uJesu yedwa.

9. Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.”

10. Bambuza abafundi, bathi: “Pho, basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?”

11. Waphendula wathi: “Nempela u-Eliya uyeza, uyakubuyisela konke.

12. Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.”

13. Khona abafundi baqonda ukuba ubekhuluma kubo ngoJohane uMbhapathizi.

14. Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe,

15. wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini.

16. Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.”

Ngokukamathewu 17