Ngokukamathewu 17:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa.

2. Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.

3. Bheka, kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye.

4. Wathatha uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha. Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.”

5. Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”

6. Kuthe sebezwa lokho abafundi, bawa ngobuso babo, besaba kakhulu.

7. Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.”

Ngokukamathewu 17