2. Kepha waphendula, wathi kubo: “Kusihlwa nithi: ‘Loba lisile, lokhu izulu libhejile;’
3. kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na?
4. Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.” Wabashiya, wamuka.
5. Sebefike phesheya, abafundi bakhe babekhohliwe ukuphatha izinkwa.
6. UJesu wayesethi kubo: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”
7. Baphendulana bodwa, bathi: “Kungokuba singaphathanga izinkwa.”
8. Kepha ekwazi lokho uJesu wathi: “Nina bokukholwa okuncane, yini ukuba niphendulane nodwa ngokuthi kungokuba ningenazinkwa na?
9. Anikaqondi yini, futhi anizikhumbuli izinkwa eziyisihlanu zezinkulungwane eziyisihlanu nokuthi nabutha iziqabetho ezingaki na?
10. Nezinkwa eziyisikhombisa zezinkulungwane ezine nokuthi nabutha amaqoma amangaki na?
11. Aniqondi ngani ukuthi bengingakhulumi kini ngesinkwa na? Kepha xwayani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”
12. Khona baqonda ukuthi kashongo ukuba baxwaye imvubelo yezinkwa kepha isifundiso sabaFarisi nabaSadusi.
13. UJesu esefikile emaphandleni aseKesariya Filipi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu basho ukuthi iNdodana yomuntu ingubani na?”
14. Bathi: “Abanye basho uJohane uMbhapathizi; abanye basho u-Eliya; abanye basho uJeremiya noma omunye wabaprofethi.”
15. Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”