1. AbaFarisi nabaSadusi beza bemlinga bacela kuye ukuba ababonise isibonakaliso esivela ezulwini.
2. Kepha waphendula, wathi kubo: “Kusihlwa nithi: ‘Loba lisile, lokhu izulu libhejile;’
3. kuthi kusasa nithi: ‘Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele.’ Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na?
4. Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.” Wabashiya, wamuka.
5. Sebefike phesheya, abafundi bakhe babekhohliwe ukuphatha izinkwa.
6. UJesu wayesethi kubo: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”
7. Baphendulana bodwa, bathi: “Kungokuba singaphathanga izinkwa.”
8. Kepha ekwazi lokho uJesu wathi: “Nina bokukholwa okuncane, yini ukuba niphendulane nodwa ngokuthi kungokuba ningenazinkwa na?