4. Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa.’
5. Kepha nina nithi: ‘Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi: Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho,’
6. akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.
7. Bazenzisi, waprofetha kahle ngani u-Isaya, ethi:
8. ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;
9. kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”
10. Wayesebabiza abantu, wathi kubo: “Yizwani, niqonde.
11. Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.”