Ngokukamathewu 15:4-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa.’

5. Kepha nina nithi: ‘Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi: Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho,’

6. akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.

7. Bazenzisi, waprofetha kahle ngani u-Isaya, ethi:

8. ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;

9. kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”

10. Wayesebabiza abantu, wathi kubo: “Yizwani, niqonde.

11. Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.”

Ngokukamathewu 15