Ngokukamathewu 15:36-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku.

37. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele.

38. Kepha abadlayo babe yizinkulungwane ezine zamadoda ngaphandle kwabesifazane nabantwana.

39. Esezimukisile izixuku wangena emkhunjini, wafika emikhawulweni yaseMagadana.

Ngokukamathewu 15