Ngokukamathewu 15:31-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona; bamdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli.

32. UJesu wayesebabiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla; angithandi ukubamukisa belambile, funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.”

33. Bathi kuye abafundi: “Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?”

34. Wathi kubo uJesu: “Ninezinkwa ezingaki na?”Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.”

35. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi;

36. wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku.

37. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele.

38. Kepha abadlayo babe yizinkulungwane ezine zamadoda ngaphandle kwabesifazane nabantwana.

39. Esezimukisile izixuku wangena emkhunjini, wafika emikhawulweni yaseMagadana.

Ngokukamathewu 15