Ngokukamathewu 15:14-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”

15. UPetru waphendula, wathi kuye: “Sichasisele lo mfanekiso.”

16. Wayesethi: “Kanti nani nisengabangaqondiyo na?

17. Anikaqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, kuze kulahlelwe ngaphandle na?

18. Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu.

19. Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.

20. Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu; kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.”

21. UJesu ephuma lapho wamuka, waya emaphandleni aseTire naseSidoni.

22. Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.”

23. Kepha akamphendulanga ngazwi. Base besondela kuye abafundi bakhe, bamncenga, bathi: “Mmukise ngokuba uyakhala emva kwethu.”

24. Kodwa waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.”

25. Kepha wayeseza, wakhuleka kuye wathi: “Nkosi ngisize.”

26. Waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”

27. Yena wathi: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.”

28. Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi.

Ngokukamathewu 15