Ngokukamathewu 14:8-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Yona isifundisiwe ngunina yathi: “Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”

9. Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe,

10. yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni.

11. Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina.

12. Kwafika abafundi bakhe, bathabatha isidumbu, basimbela; baya bambikela uJesu.

13. Wathi uJesu esekuzwile lokho, wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.

14. Waphuma, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.

15. Selishonile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; mukisa izixuku ukuba ziye emizaneni, zizithengele ukudla.”

16. Kepha uJesu wathi kubo: “Akuswelekile ukuba bamuke; bapheni nina ukudla.”

17. Bathi kuye: “Asinalutho lapha, kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili.”

18. Wayesethi: “Ziletheni lapha kimi.”

19. Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

20. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele.

21. Kepha abadlayo kwakungathi amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana.

22. Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku.

23. Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho.

24. Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu* amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo.

25. Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle.

26. Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.

Ngokukamathewu 14