4. lokhu uJohane wayethe kuye: “Awuvunyelwe ube naye.”
5. Kuthe efuna ukumbulala, wesaba abantu, ngokuba bathi ungumprofethi.
6. Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode,
7. kwenzeka ukuba ayithembise ngesifungo ukuyipha lokho engakucela.
8. Yona isifundisiwe ngunina yathi: “Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”
9. Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe,
10. yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni.
11. Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina.