Ngokukamathewu 14:25-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

25. Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle.

26. Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.

27. Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”

28. UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”

29. Wayesethi: “Woza.”Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu.

30. Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!”

31. Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

32. Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka.

33. Abasemkhunjini bakhuleka kuye, bathi: “Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.”

34. Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha.

35. Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo, athuma izigijimi kulo lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo.

36. Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe; bonke abawuthinta basindiswa.

Ngokukamathewu 14