24. Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu* amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo.
25. Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle.
26. Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.
27. Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”
28. UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”
29. Wayesethi: “Woza.”Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu.