Ngokukamathewu 14:23-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho.

24. Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu* amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo.

25. Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle.

26. Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.

27. Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”

Ngokukamathewu 14