Ngokukamathewu 14:18-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Wayesethi: “Ziletheni lapha kimi.”

19. Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

20. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele.

21. Kepha abadlayo kwakungathi amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana.

22. Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku.

23. Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho.

24. Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu* amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo.

25. Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle.

26. Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.

27. Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”

28. UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.”

29. Wayesethi: “Woza.”Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu.

30. Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!”

31. Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

32. Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka.

Ngokukamathewu 14