Ngokukamathewu 13:7-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa.

8. Kepha enye yawela emhlabathini omuhle; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.

9. Onezindlebe makezwe.”

10. Kwase kufika abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?”

11. Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.

Ngokukamathewu 13