Ngokukamathewu 13:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Kepha enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo.

6. Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.

7. Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa.

8. Kepha enye yawela emhlabathini omuhle; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.

9. Onezindlebe makezwe.”

10. Kwase kufika abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?”

Ngokukamathewu 13