Ngokukamathewu 13:45-50 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

45. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele* amahle;

46. eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.

47. “Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo;

48. lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla.

49. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo,

50. zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

Ngokukamathewu 13