39. kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.
40. Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe.
41. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,
42. zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
43. Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe makezwe.
44. “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.
45. “Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele* amahle;
46. eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.
47. “Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo;
48. lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla.
49. Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo,