Ngokukamathewu 13:34-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. Konke lokho uJesu wakukhuluma ezixukwini ngemifanekiso; ngaphandle komfanekiso kakhulumanga lutho kubo,

35. ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi:“Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso,ngiphimisele okufihlakeleyo,selokhu kwasekelwa umhlaba.”

36. Khona wazishiya izixuku, weza endlini. Basondela kuye abafundi bakhe, bathi: “Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.”

37. Wayesephendula, ethi kubo: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu;

38. insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi;

39. kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.

40. Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe.

41. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,

42. zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

43. Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe makezwe.

44. “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.

Ngokukamathewu 13