Ngokukamathewu 13:31-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe;

32. yona kambe incinyane kunazo zonke izimbewu, kepha uma isikhulile, inkulu kunezilimo, iba ngumuthi, kuze kufike izinyoni zezulu, zakhele emagatsheni awo.”

33. Wabatshela omunye umfanekiso wathi: “Umbuso wezulu ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.”

34. Konke lokho uJesu wakukhuluma ezixukwini ngemifanekiso; ngaphandle komfanekiso kakhulumanga lutho kubo,

35. ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi:“Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso,ngiphimisele okufihlakeleyo,selokhu kwasekelwa umhlaba.”

36. Khona wazishiya izixuku, weza endlini. Basondela kuye abafundi bakhe, bathi: “Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.”

37. Wayesephendula, ethi kubo: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu;

38. insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi;

39. kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.

40. Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe.

41. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,

Ngokukamathewu 13