Ngokukamathewu 13:17-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Baningi abaprofethi nabalungileyo ababefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.

18. “Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli.

19. Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Yilowo ohlwanyelwe ngasendleleni.

20. Ohlwanyelwe edwaleni nguye olizwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza;

Ngokukamathewu 13