Ngokukamathewu 13:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala phansi ngaselwandle.

2. Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini.

3. Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.

4. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.

5. Kepha enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo.

6. Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.

Ngokukamathewu 13