Ngokukamathewu 12:8-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”

9. Wamuka lapho, wangena esinagogeni* labo.

10. Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” -- ukuze bammangalele.

11. Kepha wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?

12. Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.”

13. Khona wathi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, sasinda saba njengesinye.

14. Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise.

15. Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke.

16. Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi,

17. ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:

18. “Bheka, inceku yami engiyikhethileyo,othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami,ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe,amemezele ukwahlulela kubo abezizwe.

Ngokukamathewu 12