Ngokukamathewu 12:6-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Kodwa ngithi kini: ‘Kukhona lapha okukhulu kunethempeli.’

7. Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ nga ningabalahlanga laba abangenacala.

8. Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”

9. Wamuka lapho, wangena esinagogeni* labo.

10. Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” -- ukuze bammangalele.

11. Kepha wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?

12. Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.”

13. Khona wathi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, sasinda saba njengesinye.

Ngokukamathewu 12