Ngokukamathewu 12:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala, na?

6. Kodwa ngithi kini: ‘Kukhona lapha okukhulu kunethempeli.’

7. Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ nga ningabalahlanga laba abangenacala.

8. Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”

9. Wamuka lapho, wangena esinagogeni* labo.

10. Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” -- ukuze bammangalele.

11. Kepha wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?

Ngokukamathewu 12