5. Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala, na?
6. Kodwa ngithi kini: ‘Kukhona lapha okukhulu kunethempeli.’
7. Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ nga ningabalahlanga laba abangenacala.
8. Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”
9. Wamuka lapho, wangena esinagogeni* labo.
10. Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” -- ukuze bammangalele.
11. Kepha wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?