31. Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.
32. Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.
33. “Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.
34. Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
35. Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.
36. Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.
37. Ngokuba ngamazwi akho uyakuthethwa, nangamazwi akho uyakulahlwa.”
38. Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.”
39. Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.