Ngokukamathewu 12:20-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula,umongo othunqayo akayikuwucima,aze aphumelelise ukwahlulela,kunqobe.

21. Izizwe ziyakwethembela egamenilakhe.”

22. Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona.

23. Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?”

24. Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.”

25. Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme.

Ngokukamathewu 12