20. Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula,umongo othunqayo akayikuwucima,aze aphumelelise ukwahlulela,kunqobe.
21. Izizwe ziyakwethembela egamenilakhe.”
22. Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona.
23. Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?”
24. Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.”
25. Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme.