Ngokukamathewu 12:14-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise.

15. Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke.

16. Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi,

17. ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:

18. “Bheka, inceku yami engiyikhethileyo,othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami,ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe,amemezele ukwahlulela kubo abezizwe.

19. Akayikubanga, akayikubangalasa,akakho oyakulizwa izwi lakhe ezitaladini.

20. Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula,umongo othunqayo akayikuwucima,aze aphumelelise ukwahlulela,kunqobe.

21. Izizwe ziyakwethembela egamenilakhe.”

22. Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona.

23. Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?”

24. Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.”

25. Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme.

26. Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na?

27. Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu.

Ngokukamathewu 12