Ngokukamathewu 12:14-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise.

15. Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke.

16. Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi,

17. ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:

18. “Bheka, inceku yami engiyikhethileyo,othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami,ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe,amemezele ukwahlulela kubo abezizwe.

Ngokukamathewu 12