Ngokukamathewu 12:11-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kepha wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?

12. Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.”

13. Khona wathi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, sasinda saba njengesinye.

14. Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise.

15. Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke.

16. Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi,

17. ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:

18. “Bheka, inceku yami engiyikhethileyo,othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami,ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe,amemezele ukwahlulela kubo abezizwe.

19. Akayikubanga, akayikubangalasa,akakho oyakulizwa izwi lakhe ezitaladini.

20. Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula,umongo othunqayo akayikuwucima,aze aphumelelise ukwahlulela,kunqobe.

21. Izizwe ziyakwethembela egamenilakhe.”

22. Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona.

23. Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?”

Ngokukamathewu 12