1. Ngaleso sikhathi uJesu wadabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla.
2. Kepha abaFarisi bebona lokho bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngesabatha.”
3. Wathi kubo: “Anifundanga yini akwenzayo uDavide msukwana elambile kanye nababe naye
4. ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa okungavunyelwe ukuba zidliwe nguye nababe naye kodwa ngabapristi kuphela, na?
5. Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala, na?
6. Kodwa ngithi kini: ‘Kukhona lapha okukhulu kunethempeli.’