21. “Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha.
22. Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini.
23. Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese* ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla.
24. Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunakuwe.”
25. Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane;
26. yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.
27. “Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.
28. “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
29. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.
30. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”