Ngokukamathewu 10:33-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.

34. “Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.

35. Yebo, ngize ukuphambanisa umuntu noyise, nendodakazi nonina, nomalokazana noninazala.

36. Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe.

37. “Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele;

38. nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.

39. Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

Ngokukamathewu 10