Ngokukamathewu 10:29-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo.

30. Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu.

31. Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.

32. “Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini;

33. kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.

34. “Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.

35. Yebo, ngize ukuphambanisa umuntu noyise, nendodakazi nonina, nomalokazana noninazala.

36. Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe.

37. “Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele;

38. nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.

39. Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

Ngokukamathewu 10