Ngokukamathewu 10:28-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.

29. Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo.

30. Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu.

31. Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.

32. “Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini;

33. kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.

34. “Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.

35. Yebo, ngize ukuphambanisa umuntu noyise, nendodakazi nonina, nomalokazana noninazala.

36. Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe.

37. “Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele;

38. nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele.

39. Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

40. “Onamukela nina uyangamukela mina; ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo.

41. Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo.

42. Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”

Ngokukamathewu 10