2. Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa: owokuqala nguSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo,
3. noFiliphu, noBartolomewu, noTomase, noMathewu umthelisi, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu,
4. noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
5. Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi:“Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;
6. kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli.
7. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’
8. Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.
9. Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu,
10. nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.