Ngokukamathewu 10:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini.

14. Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.

15. Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi.

16. Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.

17. “Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni* abo.

Ngokukamathewu 10