Ngokukamathewu 10:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.

2. Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa: owokuqala nguSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo,

3. noFiliphu, noBartolomewu, noTomase, noMathewu umthelisi, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu,

4. noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.

5. Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi:“Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;

6. kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli.

Ngokukamathewu 10