1. Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.
2. U-Abrahama wazala u-Isaka, u-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala uJuda nabafowabo;
3. uJuda wazala oFaresi noZara kuTamari, uFaresi wazala u-Esiromu, u-Esiromu wazala u-Aramu;
4. u-Aramu wazala u-Aminadaba, u-Aminadaba wazala uNasoni, uNasoni wazala uSalimoni;
5. uSalimoni wazala uBowasi kuRakhabi, uBowasi wazala u-Obede kuRuthe, u-Obede wazala uJesayi;
6. uJesayi wazala uDavide, inkosi. UDavide wazala uSolomoni kumka-Uriya;
7. uSolomoni wazala uRobowamu, uRobowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa;
8. u-Asafa wazala uJosafati, uJosafati wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Oziya;
9. u-Oziya wazala uJothamu, uJothamu wazala u-Akazi, u-Akazi wazala uHezekiya;
10. uHezekiya wazala uManase, uManase wazala u-Amoni, u-Amoni wazala uJosiya;
11. uJosiya wazala uJekoniya nabafowabo ngesikhathi sokuthunjelwa eBabiloni.
12. Kwathi emva kokuthunjelwa eBabiloni uJekoniya wazala uSalatiyeli, uSalatiyeli wazala uZorobabeli;